Skip to Content

"uhana"

10 occurrences in ZUL

wayenabafazi ababili , igama lomunye lalinguHana , igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana , kepha uHana wayengenabantwana.

kepha wanika uHana isabelo siphindwa kabili , ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe.

UHana wasukuma, nxa sebedlile eShilo, bephuzile. U-Eli umpristi wayehlezi esihlalweni sakhe ngasensikeni yomnyango wethempeli likaJehova.

UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe , kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela , kepha izwi lakhe lalingezwakali ; ngalokho u -Eli wacabanga ukuthi udakiwe.

UHana waphendula wathi: Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla , kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.

Bavuka ekuseni kakhulu , bakhuleka phambi kukaJehova , babuya, bafika endlini yabo eRama ; u-Elkana wamazi uHana umkakhe , uJehova wamkhumbula.

Kwathi sesiphelele isikhathi , uHana wakhulelwa, wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: Ngimcelile kuJehova.

Kepha uHana akenyukanga , ngokuba wathi kumyeni wakhe : Hhayi aze alunyulwe umntwana ; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.

UHana wakhuleka wathi : Inhliziyo yami iyethaba kuJehova , uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.

UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.