"uhazayeli"
12 occurrences in ZUL
Wayesethi uJehova kuye : Hamba, ubuye ngendlela yakho , uye ehlane laseDamaseku; usufikile khona uyakumgcoba uHazayeli abe yinkosi yase - Aramu;
Inkosi yayisimbuza owesifazane , wayilandisa. Inkosi yammisela induna ethile ngokuthi : Buyisa konke okwakungokwakhe nazo zonke izithelo zensimu, kusukela osukwini owasuka ngalo ezweni kuze kube manje. UHazayeli uyinkosi e-Aramu
Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza , wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDa maseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe , wathi: Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: Ngiyakusinda kulesi sifo na?
U-Elisha wayesemgqolozela , UHazayeli waze waba namahloni . Wayeseqhumuka ekhala umuntu kaNkulunkulu.
UHazayeli wathi: Inkosi yami ikhalelani na? Yathi: Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa -Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.
Kepha uHazayeli wathi: Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto e nkulu na ? Wathi u-Elisha: UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.
Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo , wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo , yafa; uHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo. OJehoramu no-Ahaziya bangamakhosi kwaJuda
Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukunqinda elakwa -Israyeli; uHazayeli wabachitha emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli,
Imali yeminikelo yamacala , nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi. UHazayeli uhlasela iJerusalema