Skip to Content

"uherode"

25 occurrences in ZUL

Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari , uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya , uHerode engumtetrarki waseGalile , uFiliphu umfowabo engumtetrarki wezwe lase -Itureya nelaseTrakhoniti, uLisaniya engumtetrarki wase-Abilene,

UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye.

Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi ebonakele ngaso,

Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho , ithi: Vuka uthabathe umntwana nonina , ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.

wahlala khona, waze wafa uHerode , ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe. Ukubulawa kwabantwana baseBetlehema

Khona uHerode , esebonile ukuthi izazi zimphambile , wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona , abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.

Kepha uHerode esefile , bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi:

Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki waluzwa udumo lukaJesu,

Ngokuba uHerode wayembambile uJohane , wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo,

Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indod akazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode,

Yayisikuzwa inkosi uHerode , ngokuba lalidumile igama lakhe . Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo ; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.

Kepha uHerode ekuzwile wathi : UJohane engamnquma ikhanda nguye ovukile.

Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane , wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye.

ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa , wayesambatheka kaningi , nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa.

Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile,

kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo , yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye . Inkosi yayi sithi entombazaneni : Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika.

Kepha uHerode umtetrarki , esolwa nguye n genxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode,

Kwathi uHerode umtetrarki ekuzwa konke okwenzekayo , wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo,

Kepha uHerode wathi: UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje? Wafuna ukumbona.

Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile , bathi kuye: Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.

Kwathi uHerode embona uJesu , wathokoza kakhulu , ngokuba kwase kukade efuna ukumbona , lokhu ebezwile ngaye ; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye.

Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.

Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa , ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili , eboshiwe ngamaketanga amabili , nabalindi phambi komnyango begcina itilongo.

UHerode esemfunile engamfumananga , wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona. Ukufa kukaHerode

Ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi , wahlala esihlalweni, wakhuluma kubantu.