Skip to Content

"uhezekiya"

77 occurrences in ZUL

Kepha uHezekiya wathi : Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?

U-Ahazi wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Kwathi ngomnyaka wesithathu kaHosheya indodana ka -Ela, inkosi yakwa- Israyeli, uHezekiya indodana ka-Ahazi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.

Kwathi ngomnyaka wesine wenkos i uHezekiya owawungumnyaka wesikhombisa kaHosheya indodana ka -Ela, inkosi yakwa -Israyeli, uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka walivimbezela iSamariya.

Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya , uSaneheribi inkosi yase - Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.

UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yase -Asiriya eLakishi , wathi: Ngonile; buya kimi; okubeka kimi ngiyakukwenza. Inkosi yase-Asiriya yamnqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.

UHezekiya wamnika lonke isiliva elalifunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi.

Ngaleso sikhathi uHezekiya wanquma izivalo zethempeli likaJehova nezinsika uHezekiya inkosi yakwaJuda ayezinamekile, wakunika inkosi yase- Asiriya. Inkulumo kaRabi Shake

Inkosi yase -Asiriya yathuma oTharithani , noRabi Sarisi , noRabi Shake ukuba basuke eLakishi , baye enkosini uHezekiya eJerusalema , benempi enkulu. Benyuka bafika eJerusalema. Sebenyukile bafika, bema ngasemseleni wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu yoMhlanzi.

Kepha uma nithi kimi: Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu, akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama -altare akhe aku susile uHezekiya , wathi kuJuda nakulo iJerusalema : Niyakukhuleka phambi kwaleli altare eJerusalema, na?

futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi : UJehova uyakusophula nokusophula , nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.

Ningamlaleli uHezekiya , ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje , ithi: Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwan eni wakhe , niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,

ngize ngifike , nginiyise ezweni elinjengezwe lakini , izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini , izwe leminqumo nezinyosi , ukuba niphile, ningafi. Futhi ningamlaleli uHezekiya , lapho e niyenga ngokuthi : UJehova uyakusophula.

Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho , yaklebhula izingubo zayo , yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.

Bathi kuye : Usho kanje uHezekiya , uthi: Lolo suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa , ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni , kepha amandla okubeletha awakho.

Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,

UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa , wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.

UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova , wathi: Jehova Nkulunkulu ka- Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi , wena un guNkulunkulu, wena wedwa , wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa . Kwafika kuye u - Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.

Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho . Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?

UHezekiya wathi : Kulula kuso isithunzi ukuba selule izinyathelo eziyishumi; qha, isithunzi masibuye izinyathelo eziyishumi.

Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani , inkosi yaseBabele, wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya , ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula.

UHezekiya wabalalela , wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nendlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke angababonisanga yona.

Wayesefika u -Isaya umprofethi enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude eBabele.

Wayesethi: Baboneni endlini yakho na ? UHezekiya wathi : Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo. Wathi futhi: Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami , na?

UHezekiya wayeselala koyise . UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile ; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.

UJehova wamuzwa uHezekiya, wabaphilisa abantu.

U-Ahazi wayeselala koyise ; bammbela emzini , iJerusalema, ngokuba abamyisanga emathuneni amakhosi akwa-Israyeli; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

UHezekiya waqala ukubusa eneminyaka engamashumi amabili nanhlanu , wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema ; igama likanina lalingu-Abiya indodakazi kaZakariya.

UHezekiya inkosi wayesevuka ekuseni , wabutha izinduna zomuzi , wakhuphukela endlini kaJehova.

UHezekiya wayala ukunikela ngomnikelo wokushiswa e-altare. Ngesikhathi sokuqala kom nikelo wokushiswa kwaqala nesihlabelelo sikaJehova , namacilongo, kanye nezinto zokubethwa zikaDavide inkosi yakwa-Israyeli.

UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni . Badumisa ngokuthokoza , bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.

UHezekiya wathokoza kanye nabantu bonke ngenxa yalokho uNkulunkulu ayebalungisele khona abantu, ngokuba leyo nto yavela ingalindelwanga.

UHezekiya wathumela kuye wonke u -Israyeli noJuda, walobela o-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema , bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika.

Ngokuba isixuku sabantu , abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase nakwa- Isakare nakwaZebuloni , sasingazihlambululanga, salidla iphasika ngokungalotshiwe. Ngokuba uHezekiya wayebakhulekele ngokuthi : UJehova omuhle makathethelele

UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova . Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa , benikela ngemihlats helo yeminikelo yokut hula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.

Ngokuba uHezekiya inkosi yakwaJuda wayenikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa zibe yiminikelo, nezikhulu zazinikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi; abapristi abaningi bazingcwelisa.

UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo , kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe , abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze , babonge, badumise emasangweni ekamu likaJehova,

Lapho uHezekiya nezikhulu beza ukuzibona izinqwaba, bambonga uJehova nabantu bakhe u-Israyeli.

UHezekiya wababuza abapristi namaLevi ngezinqwaba.

Wayesesho uHezekiya ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaJehova ; bawalungisa-ke.

Wenze njalo uHezekiya kwaJuda wonke ; wenza okuhle nokulungile nokuthembekile phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.

Lapho uHezekiya esebona ukuthi uSaneheribi ufikile nokuthi uqonda ukulwa neJerusalema,

UHezekiya akaniyengi yini ukuba aninikele, nife ngendlala nangokoma , ethi: U Jehova uNkulunkulu wethu uyakusophula esandleni senkosi yase - Asiriya, na?

Ngalokho uHezekiya makanganikhohlisi , anganiyengi ngale ndlela , ningakholwa nguye , ngokuba kwakungekho n kulunkulu nakusiphi isizwe noma kumuphi umbuso owayenamandla okophula abantu bakhe esandleni sami nasesandleni sawobaba ; kakhulu kangakanani anganophula esandleni sami uNkulunkulu wenu na?

Izinceku zakhe zazikhuluma nokunye okuphambene noJehova uNkulunkulu nenceku yakhe uHezekiya.

UHezekiya inkosi no -Isaya umprofethi , indodana ka -Amose, bakhuleka ngenxa yalokho, bakhala ngasezulwini.

UJehova wasindisa -ke uHezekiya nabakhileyo eJerusalema esandleni sikaSaneheribi inkosi yase-Asiriya nasesandleni sabo bonke abanye, wabahola nxazonke.

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze waba sengozini yokufa ; wakhuleka kuJehova; yena wakhuluma kuye, wamnika isibonakaliso.

Kepha uHezekiya akabuyiselanga okuhle okwenzelwe yena , ngokuba inhliziyo yakhe yayikhukhumele ; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, naphezu kweJerusalema.

UHezekiya wayenengcebo nodumo oluningi kakhulu , wazenzela izindlu zesiliva, nezegolide, nezamatshe angamagugu , nezamakha, nezezihlangu, nezezinto zonke ezinxanelekayo,

Yena lowo Hezekiya wavimbezela umthombo wasenhla wamanzi aseGihoni, wawaqondisa ngasentshonalanga komuzi kaDavide. UHezekiya waphumelela emisebenzini yakhe yonke.

UHezekiya wayeselala koyise ; bammbela emmangweni wamathuna amadodana kaDavide ; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bamenzela udumo ekufeni kwakhe. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama -altare, wenza o -Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.

Kwathi ngomnyaka weshumi nane wenko si uHezekiya, uSaneheribi, inkosi yase-Asiriya, wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda , wayithatha.

Inkosi yase-Asiriya yathuma uRabi Shake , asuke eLakishi, aye eJerusalema enkosini uHezekiya , enempi enkulu , wema ngasemseleni wechibi lasenhla , elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.

futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi : U Jehova uyakusophula nokusophula , nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.

Ningamlaleli uHezekiya , ngokuba inkosi yase -Asiriya isho kanje , ithi: Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe , niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,

Xwayani ukuba uHezekiya anganiyengi ngokuthi : UJehova uyakusophula. Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na?

Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho , yaklebhula izingubo zayo , yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.

Bathi kuye : Usho kanje uHezekiya , uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa , ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni , kepha amandla okubeletha awakho.

Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,

UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.

UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi:

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula , wayephansi kokufa . Kwafika kuye u - Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.

UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova,

wathi: Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho. Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

UHezekiya wathokoza ngabo , wababonisa indlu yen gcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle , nayo yonke indlu yezikhali zakhe , nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.

Wayesefika u -Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.

Wayesethi: Baboneni endlini yakho na ? UHezekiya wathi : Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo . Wathi futhi: Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.

UHezekiya inko si yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na ? Angithi bamesaba uJehova , bamncenga uJehova , uJehova wabuya kukho okubi ayekukhulume kubo , na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu.

u-Oziya wazala uJothamu , uJothamu wazala u -Akazi, u-Akazi wazala uHezekiya;

uHezekiya wazala uManase , uManase wazala u -Amoni, u-Amoni wazala uJosiya;