Skip to Content

"uhlale"

35 occurrences in ZUL

Yehla, uhlale othulini wena ntombi , ndodakazi yaseBabele , uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi , wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.

UJakobe wathi kuyise : Ngingu-Esawu izibulo lakho ; ngenze njengalokho ungitshelile; mawuvuke, uhlale, udle ukuba umphefumulo wakho ungibusise.

uhlale kuye izinsukwana ezithile, kuze kubohle ukufutheka komfowenu,

UNkulunkulu wathi kuJakobe : Suka ukhuphukele eBethele , uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i -altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.

Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yefa lakho , indawo ozenzele yona , Jehova, ukuba uhlale kuyo, indlu engcwele, Nkosi, eziyimisile izandla zakho.

UJehova wayesethi kuMose : Khuphukela kimi entabeni , uhlale khona , ngikunike izibhebhe zamatshe , nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.

Yala u -Aroni namadodana akhe , uthi: Nanku umthetho weminikelo yokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala eziko le-altare ubusuku bonke kuze kuse, umlilo we-altare uhlale kulo uvutha njalo.

Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , ulidle, uhlale kulo , uthi: Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,

ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , ulilalele izwi lakhe , unamathele kuye , ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.

Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe , yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe , uyise wentombi, wathi kuye : Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke ; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze , nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.

UBowazi wenyukela esangweni , wahlala phansi khona ; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi , wadlula; wathi kuye : We wena sibanibani , phambuka, uhlale lapha. Waphambuka, wahlala phansi.

UJonathani wamtshela uDavide, wathi: USawule ubaba ufuna ukukubulala ; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;

Usuhlalile izinsuku ezintathu ; yehla masinyane , uye kuleyo ndawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli.

Inkosi yayisithi ku -Ithayi umGiti: Nawe uhambelani nathi na ? Buya uhlale nenkosi, ngokuba ungumfokazi nomxoshwa endaweni yakho.

Inkosi yathuma yambiza uShimeyi , yathi kuye: Zakhele indlu eJerusalema, uhlale khona, ungaphumi lapho ukuya ndawo.

Suka uye eSarefati elingeleSidoni , uhlale khona ; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.

U-Eliya wathi ku -Elisha: Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eBethele. Kepha u-Elisha wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya. Behlela-ke eBethele.

U-Eliya wathi kuye: Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bafika-ke eJeriko.

U-Eliya wathi kuye : Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eJordani. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bahamba-ke bobabili.

U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi : Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.

Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile ; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena , noJuda ekanye nawe , na?

Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo , ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo, owayiswa kude yizinyawo zawo ukuba uhlale khona, na?

Umbazi uyelula intambo, adwebe umuthi ngokubomvu, awenze ngezibazo, adwebe ngekompasi , awenze ngomfanekiso womuntu , ngobuhle bomuntu , ukuba uhlale endlini.

Zithintithe uthuli , usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo ; zikhulule eziboshweni zentamo yakho wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.

Awuyikungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze.

Zathi kuye : Ake uhlale phansi , ufunde ezindlebeni zethu . UBaruki wayesefunda ezindlebeni zazo.

Engakabuyi, yathi: Buyela kuGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani , inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda , uhlale naye p hakathi kwabantu ; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho . Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho , yamvumela ukuba ahambe.

Yehla ebukhosini bakho , uhlale womile , ndodakazi, ohlala eDiboni , ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.

Yiba nemihelo , uzale, ndodakazi yase Siyoni njengobelethayo , ngokuba manje uyakuphuma emzini , uhlale endle , ufike naseBabele , lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho , ithi: Vuka uthabathe umntwana nonina , ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.

eze yena onimeme wena naye , athi: M dedele lo ; khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni.

Kepha nxa umenyiwe , hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba , nxa efika okumemileyo, athi kuwe: Mhlobo, yenyukela enhla; khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.

Wathi: Amabhati ayikhulu amafutha . Wayesethi kuye : Thatha incwadi yakho, usheshe uhlale phansi, ulobe amashumi ayisihlanu.

Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: Sondela masinyane, uhlale phansi, udle ?

ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.