Umoya uyakubalusa bonke abelusi bakho , nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni , ujabhe ngabo bonke ububi bakho.
ukuba uthwale ihlazo lakho, ujabhe ngenxa yakho konke okwenzileyo , ube yinduduzo kubo.
Usuyakuzikhumbula izindlela zakho , ujabhe, lapho uyakubamukela odadewenu, omkhulu nomncane , ngikunike wona abe ngamadodakazi , kungabi ngesivumelwano sakho kodwa.