Skip to Content

"ujakobe"

169 occurrences in ZUL

UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodak azi yakhe uDina ; amadodana akhe ayesezinkomeni endle; uJakobe wathula, aze afika.

Emva kwalokho kwaphuma umfowabo , isandla sakhe sibambelele esithendeni sika -Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe ; u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.

Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi , umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni.

U-Isaka wamthanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe.

Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika u-Esawu evela endle, ediniwe.

Wayesethi uJakobe: Thengisa kimi namuhla ngefa lobuzibulo bakho.

UJakobe wathi: Funga kimi namuhla. Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe.

UJakobe wamupha u -Esawu isinkwa nokudla kwembumba ; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.

UJakobe wathi kuRebeka unina: Bheka, umnewethu ungumuntu oyinundu, mina ngiluqwatha.

URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.

UJakobe wathi kuyise : Ngingu-Esawu izibulo lakho ; ngenze njengalokho ungitshelile; mawuvuke, uhlale, udle ukuba umphefumulo wakho ungibusise.

UJakobe waso ndela ku -Isaka uyise ; wamphatha, wathi: Izwi liyizwi likaJakobe, kepha izandla ziyizandla zika-Esawu.

Kwathi u -Isaka eseqede ukumbusisa uJakobe , uJakobe esand ukuphuma ebusweni buka -Isaka uyise , wafika u-Esawu umnewabo evela ekuzingeleni kwakhe.

Wathi: Aliqanjwanga kahle igama lakhe ngokuthi uJakobe na ? Ngokuba sekukabili engiqinela ; wathatha ubuzibulo bami ; bheka, manje usethathe isibusiso sami. Wathi: Mina, awungigodlelanga sibusiso na?

U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe : Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele ; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.

URebeka watshelwa amazwi ka -Esawu indodana yakhe enkulu ; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane , wathi kuye: Bheka, umnewenu u- Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.

URebeka wayeseth i ku -Isaka: Ngidiniwe ukuphila ngenxa yamadodakazi kaHeti; uma uJakobe ethatha umfazi kuwo amadodakazi kaHeti onjengalawa, kuwo amadodakazi aleli zwe, kuyakungisiza ngani ukuphila na?

U-Isaka wambiz a uJakobe , wambusisa, wamyala, wathi kuye : Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani.

U-Isaka wayesemmukisa uJakobe , waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBe tuweli umAramu , umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no- Esawu.

U-Esawu ebona ukuthi u -Isaka umbusisile uJakobe , wamthuma ePhadani Aramu ukuyothatha khona umfazi , nokuthi lapho embusisa wamyala wathi : Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani,

nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani Aramu,

UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana.

Wayesephaphama uJakobe ebuthongweni bakhe , wathi: Imbala uJehova ukule ndawo, mina-ke bengingakwazi.

UJakobe wavuka ekuseni , walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.

UJakobe wenza isithembiso , wathi: Uma uNkulunkulu eyakuba nami , angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo , angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,

Wayesesuka uJakobe, waya ezweni labantu basempumalanga.

UJakobe wathi kubo: Bazalwane, nivelaphi na? Bathi: SingabakwaHarana.

Kwathi uJakobe ebona uRaheli indodakazi kaLabani uninalu me nezimvu zikaLabani uninalume , uJakobe wasondela , wasusa itshe emlonyeni womthombo, waziphuzisa izimvu zikaLabani uninalume.

UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi ungumfowabo kayise nokuthi uyindodana kaRebeka; wagijima, watshela uyise.

ULabani wathi kuye: Impela uyithambo lami nenyama yami. Wahlala kuye inyanga yonke. UJakobe uqala ukusebenza kuLabani

UJakobe wamthanda uRaheli ; wathi: Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.

UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa ; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe.

UJakobe wathi kuLabani : Nginike umkami , ngokuba izinsuku zami seziphelile, ngize ngingene kuye.

UJakobe wenze njalo , waqeda isonto lakhe ; wamupha uRaheli indodakazi yakhe, abe ngumkakhe.

URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana , uRaheli waba no mhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe : Ngiphe abantwana , funa ngife.

Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.

UBiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana.

UBiliha incekukazi kaRaheli wabuye wakhulelwa , wamzalela uJakobe indodana yesibili.

ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala , wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe.

UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela uJakobe indodana.

Kusihlwa uJakobe esebuya endle , uLeya waya ukumhlangabeza , wathi: Ngena kimi , ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami. Wayeselala naye ngalobo busuku.

UNkulunkulu wamuzwa uLeya ; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu.

ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha.

Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa , uJakobe wathi kuLabani : Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi.

Wathi: Ngiyakukuphani na ? Wathi uJakobe: Awuyikunginika lutho ; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde.

Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe ; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.

UJakobe wathatha izinti ezimanzi zompopula nezomalimondi nezompelatani, wazebula imishwe emhlophe , wambula okumhlophe okusezintini.

UJakobe wayesahlukanisa amawundlu , wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani ; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.

Kwathi l apho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo , uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.

Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani , ethi: UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.

UJakobe wabona ubuso bukaLabani ; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.

UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe.

UJakobe wayesesuka , wakhwelisa amadodana akhe nawomkakhe emakameleni.

UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.

Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.

ULabani wayesemfica uJakobe. UJakobe wayemisile itende lakhe entabeni ; uLabani nabafowabo bamisa entabeni yakwaGileyadi.

UJakobe waphendula , wathi kuLabani : Ngokuba ngesaba ngithi : Funa ungiqhwage amadodakazi akho.

Kepha lowo ozakuthola kuye izithixo zakho akayikusinda ; qaza phambi kwabafowethu okwa kho okukimi , ukuthathe. Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile.

UJakobe wathukuthela , wamsola uLabani ; uJakobe waphendula , wathi kuLabani: Yisiphi isiphambeko sami na ? Yisiphi isono sami , lokhu ungizingele kangaka, na?

UJakobe wayesethatha itshe, walimisa laba yinsika.

Wathi uJakobe kubafowabo: Buthani amatshe , bathatha amatshe , benza inqwaba; base bedla khona phezu kwenqwaba.

ULabani wayiqamba ngokuthi iJegari Sahadutha , kepha uJakobe wayibiza ngokuthi iGaledi.

UNkulunkulu ka -Abrahama noNkulunkulu kaNahori , uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu . UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.

UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.

UJakobe wahamba indlela yakhe; izingelosi zikaNkulunkulu zamhlangabeza.

UJakobe ezibona wathi : Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu . Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.

UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.

Waziyala ngokuthi : Niyakukhuluma kanje enkosini yami u -Esawu, nithi: Inceku yakho uJakobe ithi : Ngigogobele kuLabani , ngilibele kuze kube manje;

UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu , ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,

Wathi uJakobe : Nkulunkulu kababa u-Abrahama, Nkulunkulu kababa u - Isaka, Jehova, wena owathi kimi: Buyela ezweni lakho nasezihlotsheni zakho, ngikwenzele okuhle,

wothi: Ngezenceku yakho uJakobe; kuyisipho esithunywa enkosini yami u - Esawu; bheka, naye uyeza, ungasemuva kwethu.

Niyakukhuluma nithi : Futhi bheka , inceku yakho uJakobe iyeza , isemva kwethu. Ngokuba wathi : Ngizakumthoba ngalesi sipho esihamba pha mbi kwami, andukuba ngibone ubuso bakhe; mhlawumbe angangamukela.

Sase sihamba isipho phambi kwakhe , kepha yena wahlala ekamu lobo busuku. UJakobe ubambana noNkulunkulu

Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.

Esebona ukuthi akamahluli , wathinta esikhoxeni senyonga yakhe , waphinyazeka uJakobe esikhoxeni senyonga esebambene naye.

Wathi: Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe , kepha u -Israyeli, ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.

UJakobe wayesembuza ethi: Ake ungitshele igama lakho. Wathi: Ubuzelani igama lami na? Wayesembusisa khona.

UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli , ngokuba wathi: Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso , nokho umphefumulo wami wophulwa.

UJakobe waphakamisa amehlo akhe , wabheka, nango u -Esawu eza enamadoda angamakhulu amane . Abantwana wabahlukanisela oLeya , noRaheli, nezincekukazi zombili.

UJakobe wathi : Hhayi bo ; uma ngifumene umusa emehlweni akho , samukele isipho sami esandleni sami , ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.

UJakobe wasuka waya eSukoti , wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.

UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani , evela ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.

UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe , waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.

UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi : Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe , amaKhanani namaPherizi , lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.

Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye : Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu , nizihlambulule nina , niziphendulele izingubo zenu,

Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo , namacici ayesezindlebeni zabo ; uJakobe wakuthukusa phansi kwe -oki elalingaseShekemi.

UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele , yena kanye nabantu bonke ababe naye.

UNkulunkulu wathi kuye : Igama lakho linguJakobe , igama lakho alisayikuthiwa uJakobe ; igama lakho lizakuba ngu -Israyeli, wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.

UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona , insika yetshe ; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa , wathela namafutha phezu kwayo.

UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.

UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe , eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona.

U-Esawu wathatha omkakhe , namadodana akhe , namadodakazi akhe , nabantu bonke bendlu yakhe , nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ez weni laseKhanani , waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe.

UJakobe wakha ezweni lokugogobala kukayise, ezweni laseKhanani.

UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe , wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.

UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe , uJakobe wathi emadodaneni akhe: Nibukanelani na?

Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: Angahle ehlelwe ngokubi.

UJakobe uyise wayesethi kubo : Niyangaphuca abantwana bami ; uJosefa akasekho, noSimeyoni kasekho; senizakuthatha noBenjamini; kuphezu kwami konke lokhu.

UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo , nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala.

Bathatha i mfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuze ezweni laseKhanani , bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye.

Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe , uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe.

Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe ; yonke imiphe fumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu.

Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha.

Yilawo angamadodana kaRahel i azalelwa wona uJakobe ; bonke abantu babe yishumi nane.

Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe ; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.

Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili ; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa. UJakobe uhlangana noJosefa

UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise , wambeka phambi kukaFaro ; uJakobe wambusisa uFaro.

UJakobe wathi kuFaro : Izinsuku ze minyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu ; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami , azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.

UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.

UJakobe wahlala ez weni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe , zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.

UJakobe wathi kuJosefa : UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,

UJakobe wabiza amadodana akhe , wathi: Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.

UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.

Wayesethatha isisho sakhe , wathi: E-Aramu uBalaki ungilandile , inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga : woza ungiqalekisele uJakobe ; woza umdlelesele u-Israyeli.

Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe ; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.

Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho , no-Israyeli umthetho wakho ; babeka impepho phambi kwamakhala akho , nomnikelo oshiswa wonke e -altare lakho.

Ngamupha u-Isaka oJakobe no-Esawu; ngamnika u-Esawu intaba yaseSeyiri ukuba ayidle; uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibithe.

Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa -Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita ayikhulu , laba ifa labantwana bakwaJosefa.

Lapho uJakobe esefikile eGibithe , oyihlo bakhala kuJehova , uJehova wathuma oMose no -Aroni abakhipha oyihlo eGibithe , babahlalisa kule ndawo.

Sengathi ukusindiswa kuka -Israyeli kungavela eSiyoni . Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabant u bakh e uJakobe uyakwethaba , u-Israyeli ajabule.

Sengathi kungavela u kusindiswa kuka -Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe , uJakobe ethabe , u- Israyeli ajabule.

Esalandele izimvukazi ezenyisayo , yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe, nefa layo u-Israyeli.

Ngokuba sebemdlile uJakobe, umuzi wakhe sebewuchithile.

Jehova, wabusisa izwe lakho, wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.

U-Israyeli wayesefika eGibithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.

Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe , no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

Ngokuba uJehov a uyakumhawukela uJakobe , abuye amkhethe u -Israyeli, ababeke ezweni lakubo ; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo , banamathele endlini kaJakobe.

Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila , u-Israyeli akhahlele , aqhakaze, bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.

Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi: UJakobe akasayikuba namahloni, nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.

Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe , no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova , esonile kuye , nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?

Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele , ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.

Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba , niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba , nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe , ngokuba uJehova umhlengile uJakobe , ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli. UKoresi umalusi

Ngenxa yenceku yami uJakobe , u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.

Phumani eBabele , nibalekele amaKaledi , nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu , nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.

Manje ut hi uJehov a owangibumba kwasekuzalweni ukub a ngibe yinceku yakhe yokubuyisela kuye uJakobe , kubuthelwe kuye no -Israyeli futh i ngidunyisiwe emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wami waba ngamandla ami

Thulula ukufutheka kwakho phez u kwabezizwe abangakwaziy o naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho , ngokuba bamdlile uJakobe ; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.

Ungesabi wena Jakobe , nceku yami , usho uJehova , U ngapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka , ngiyakukusindisa usekude , nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.

Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.

Kepha unges abi wena Jakobe , nceku yami, ungapheli amandla , Israyeli, ngokuba bheka , ngiyakukusindisa usekude , nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.

Yanquma ngokufutheka kolaka lway o zonke izimpondo zakwa -Israyeli, yabuyisela emuva isandla sayo sokunene ebusweni bezitha , yashisa uJakobe ngomlilo wamalangabi odla nxazonke.

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa -Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo , ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe.

Bayakuhlala ez weni engilinike inceku yami uJakobe , ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo , nabantwana babantwana babo kuze kube phakade, uDavide inceku yami abe yisikhulu sabo kuze kube phakade.

U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo , esithanda ukubhula amabele ; kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle ; sengiyakumbophela u -Efrayimi, uJuda alime, uJakobe azidubele.

UJehova unokuphikisana noJuda futhi ; uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe, ambuyisele ngokwezenzo zakhe.

UJakobe wabalekela ezweni lase -Aramu, u-Israyeli wakhonzela umfazi , walusa umhlambi ngenxa yomfazi.

Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.

Ngase ngithi: Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.

Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe , amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.

Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehov a ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe , u-Israyeli izono zakhe.

Uyakunika uJakobe ukuth embeka no -Abrahama umus a owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.

Nginithandile, usho uJehova. Nokho nithi: Usithande kanjani na? U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na? usho uJehova. Ngamthanda uJakobe,

U-Abrahama wazala u -Isaka, u-Isaka wazala uJakobe , uJakobe wazala uJuda nabafowabo;

u-Eliyudi wazala u -Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani , uMathani wazala uJakobe;

uJakobe wazala uJosefa , indoda kaMariya , azalwa nguye uJesu othiwa uKristu.

Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili , uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise , belungisa amanetha abo; wababiza.

Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha.

Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.

Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo , waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?

Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili ; u-Isaka wazala uJakobe , uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.

UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe , wathuma obaba ngokokuqala;

UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba.

Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba.

Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule , wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni , wathi: Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu . Wayesephuma, waya kwenye indawo.

Kepha sebethulile , uJakobe wathatha wathi : Madoda, bazalwane, ngilaleleni.

njengalokho kulotshiwe ukuthi : UJakobe ngamthanda , kepha u-Esawu ngamzonda.

Kepha angibonanga omunye wabaphostoli , kuphela uJakobe umnawe weNkosi.

Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa leyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka encikile esihlokweni sodondolo lwakhe.

UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu , uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo. Ukuyala ngezilingo