Skip to Content

"ujefta"

16 occurrences in ZUL

UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta.

UmkaGileyadi wamzalela amadodana ; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta , athi kuye : Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane.

UJefta wabalekela abafowabo , wahlala ezweni laseThobi ; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.

Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi.

UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi : Aningizondanga yini , nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na?

Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi : Uma ningibuyi sa ukulwa nabantwana bakwa -Amoni, uJehova abanikele phambi kwami , ngiyakuba yinhloko yenu.

UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi ; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo ; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.

UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa -Amoni, wathi: Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na?

UJefta wabuye wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni,

wathi kuyo : Usho kanje uJefta , uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.

UJefta wenza isith embiso kuJehova , wathi: Uma uyakunikela impela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami,

UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa -Amoni ukulwa nabo ; uJehova wabanikela esandleni sakhe.

UJefta weza eMispa endlini yakhe ; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina ; yayingumntwana oyedwa ; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.

UJefta wathi kubo: Mina nabantu bami sasilwa kakhulu nabantwana bakwa- Amoni; nganibiza, aningisindisanga esandleni sabo.

UJefta wayesebutha bonke abantu bakwaGileyadi , walwa no -Efrayimi; abantu b akwaGileyadi bamahlula u -Efrayimi, ngokuba bathi : Ningababalekileyo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi phakathi kwabakwa - Efrayimi naphakathi kwabakwaManase.

UJefta wamahlulela u -Israyeli iminyaka eyisithupha . Wafa uJefta wakwaGileyadi, wambelwa komunye wemizi yakwaGileyadi. O-Ibisani, no-Eloni, no-Abidoni