Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise ; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJeh ova nomsebenzi ayewenzele u - Israyeli.
Manje uJeh ova uNkulunkulu ka -Israyeli uwaxoshile ama -Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; wena uyakulidla izwe na?
Izinceku zayo zayisusa ngenqola eMegido ifile , zayiyisa eJerusalema , zayimbela ethumeni layo . Abantu bezwe bamthatha uJeh owahazi indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise. OJehowahazi noJehoyakimi bangamakhosi kwaJuda
Umhlaba uyakuba yize leze , uphangwe nokuphangwa , ngokuba uJeh ova ukhulumile izwi lakhe.
Angiyikubahambela ngalokho na ? usho uJeh ova. Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?