"ujehoramu"
12 occurrences in ZUL
UJehoshafati wayeselala koyise , wembelwa koyise emzini kaDavide uyise ; uJehoramu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Yayisifa njengezwi likaJehova alikhulum ileyo u-Eliya. UJehoramu waqala ukubusa esikhundleni sakhe ngomnyaka wesibili kaJehoramu indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, ngokuba wayengenandodana.
UJehoramu indodana ka -Ahabi waba yinkosi kwa -Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati i nkosi yakwaJuda , wabusa iminyaka eyishumi nambili.
Ngomnyaka wesihlanu kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafati eyinkosi kwaJuda , uJehoramu, indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.
UJehoshafati wayeselala koyise , wembelwa koyise emzini kaDavide ; uJehoramu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda , kepha umbuso wawunika uJehoramu , ngokuba wayeyizibulo.
UJehoramu esemile embusweni kayise , eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli.
UJehoramu wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.
Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola.
Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yaman xeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase -Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka - Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.
Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kw amadodana enkosi abulawayo , wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala . UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi -- ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya -- wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.