Skip to Content

"ujehowashi"

13 occurrences in ZUL

UJehowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa.

Ngomnyaka wesikhombisa kaJehu uJehowashi waba yinkosi , wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.

UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova izinsuku zakhe zonke uJehoyada umpristi amfundisa ngazo.

UJehowashi wathi kubapristi : Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova , imali eyamukelekayo , imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona , nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,

Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nantathu wenkosi uJehowashi abapristi babengakazilungisi izimfa zendlu.

Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi , yathi kubo: Anilungisi ngani izimfa zendlu na ? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.

UJehowashi, inkosi yakwaJuda , wathatha zonke izinto ezingcwele , ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise , amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe , nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi , wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.

Ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa kaJowashi , inkosi yakwaJuda, uJehowashi, indodana kaJehowahazi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha.

UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa . UJowashi wamahlula kathathu , wabuyisa imizi yakwa - Israyeli.

UJehowashi inkosi yakwa -Israyeli wathumel a ku -Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari waseLebanoni, sathi: Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo . Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.

Kepha u -Amasiya akalalelanga . Wayesenyuka uJehowashi inkosi yakwa - Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nob uso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.

UJehowashi, inkosi yakwa -Israyeli, wambamba u -Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi , ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi , wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa - Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.

UJehowashi wayeselala koyise , wembelwa eSamariya namakhosi akwa - Israyeli; uJerobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.