"ujobe"
37 occurrences in ZUL
Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo , uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni , wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke ; ngokuba uJobe wathi : Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo . Wenze njalo uJobe imihla yonke.
Wayesethi uJehova kuSathane : Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na ? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni , umuntu on genasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.
Wayesesukuma uJobe , waklebhula ingubo yakhe , waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,
Wayesethi uJehova kuSathane : Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na ? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni , umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu , obalekela okubi ; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.
Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova , wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.
Kepha wathi kuye : Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhl e kuphela kuNkulunkulu , singamukeli nokubi, na? Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Lwase luvutha ulaka luka -Elihu, indodana kaBarakeli , umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe , ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.
Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu , ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.
Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku- Elifazi umThemani : Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.
Ngalokho zithatheleni izinkun zi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe , nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe , angiyikwenza kini njengobuwula benu , lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.
UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni , lapho ekhul ekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.