"ujohane"
60 occurrences in ZUL
Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle.
Ngokuba uHerode wayembambile uJohane , wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo,
Bathi: Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.
Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga , anikholwanga nguye ; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye ; kodwa nina , khona nikubona , aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye. Umfanekiso wabalimi besivini (Mark. 12:1; Luk. 20:9)
kwavela uJohane ebhapathiza ehlane , eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono.
UJohane wayembethe eyoboya bekamela , enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle.
Yayisikuzwa inkosi uHerode , ngokuba lalidumile igama lakhe . Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo ; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.
Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane , wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye.
ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa , wayesambatheka kaningi , nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa.
Bamtshela bathi: UJohane uMbhapathizi; abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye bathi: Ngomunye wabaprofethi.
UJohane wayesethi kuye: Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.
Kepha ingelosi yathi kuye: Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u -Elisabethe uzakukuzalela indodana , uyiqambe igama lokuthi uJohane.
uJohane waphendula , wathi kubo bonke : Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe ; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;
UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe , wabathumela eNkosini , wathi: Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?
Amadoda esefikile kuyo athi : UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe , ethi: Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?
Yaphendula, yathi kuwo: Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi : Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa , izithulu ziy ezwa, abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
Kwathi uHerode umtetrarki ekuzwa konke okwenzekayo , wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo,
Kepha uHerode wathi: UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje? Wafuna ukumbona.
Baphendula bathi: UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi : Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.
UJohane waphendula wathi : Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.
Kwathi ekhuleka endaweni ethile , esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye : Nkosi, sifundise ukukhuleka , njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.
Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwa fika uJohane ; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa , wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.
Kepha uma sithi : Kubantu, abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe , ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.
UJohane wafakaza ngaye , wamemeza wathi: Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami , ngokuba wayekhona kuqala kunami.
Naye uJohane wayebhapathiza e -Enoni eduze neSalimi , ngokuba amanzi ayemaningi lapho; beza babhapathizwa.
Waphinda wamuka , waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho.
Nabaningi beza kuye , bathi: UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile.
Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi , kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.
Niyalazi izwi elamenyezelwa eJudiya lonke , liqalile eGalile , emva kokubhapathiza akushumayelayo uJohane
Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.
UPawulu nababe naye bamuka ePhafu ngomkhumbi, bafika ePherge lasePhamfiliya; kepha uJohane wahlukana nabo, wabuyela eJerusalema.
engakafiki yena uJohane wayeseshumayele kuso sonke isizwe sakwa - Israyeli umbhapathizo wokuphenduka.
Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi : Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina . Kodwa bhekani , uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.
UPawulu wayesethi: UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe , kungukuthi uJesu.
Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe iz into ezimelwe ukwenzeka masinyane , ethuma ngengelosi yakhe , esibonakalisa encekwini yakhe uJohane