"ujona"
14 occurrences in ZUL
Wabuyisa umkhawulo wakwa-Israyeli kusukela ekuyeni eHamati kuze kube seLwandle lwase -Araba; njengezwi likaJehova , uNkulunkulu ka -Israyeli, alikhulumayo ngesandla senceku yakhe uJona indodana ka -Amithayi, umprofethi waseGati Heferi.
Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi , wehlela eJopha , wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi ; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo , aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.
Khona amatilosi esaba , akhala, kwaba yilelo nalelo kunkulunkulu walo , aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube lula kubo. Kepha uJona wayehlele phakathi komkhumbi, wayeselele ubuthongo.
Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe : Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu . Base benza inkatho ; inkatho yamudla uJona.
UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona ; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
Wayesesuka uJona , waya eNineve njengezwi likaJehova . INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu.
UJona waqala ukungena emzini , uhambo losuku lwaba lunye , wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.
UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona , wahlala phansi kwalo emthunzini , ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.
UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva , wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.