Skip to Content

"ujoramu"

16 occurrences in ZUL

uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa , ngokuba yayilwile noHadadezeri , yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi ; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi.

UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye ; wavuka ebusuku, wamchitha u -Edomi omhaqileyo nxazonke , nezinduna zezinqola , kepha abantu babalekela ematendeni abo.

UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahaziya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Wahamba noJoramu , indodana ka -Ahabi, ukuba alwe noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.

Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama -Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu , inkosi yakwaJuda , wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

UJehu, indodana kaJehoshafati, kaNimishi, wamenzela ugobe uJoramu -- uJoramu wayelinda eRamoti Gileyadi , yena naye wonke u -Israyeli ngenxa kaHazayeli, inkosi yase-Aramu;

kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama -Aramu ekulweni kwayo noHazayeli , inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: Uma kungumqondo wenu lokhu , makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.

UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.

Umlindi owayemi embhoshongweni waseJizreyeli wabona iviyo likaJehu lisafika, wathi: Ngibona iviyo . UJoramu wathi : Zithathele owehh ashi umthume ukubahlangabeza ngokuthi: Kusahleziwe kahle na?

Wayesethi uJoramu: Bophela. Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwa-Israyeli no -Ahaziya inkosi yakwaJuda baphuma , kwaba yilowo nalowo ngenqola yakhe , baphuma ukum hlangabeza uJehu , bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli.

Kwathi uJoramu esembonile uJehu , wathi: Kusahleziwe kahle , Jehu, na? Wathi: Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u - Izebeli, na?

UJoramu wayesephenduka wabaleka, wathi ku-Ahaziya: Ngugobe, Ahaziya!

UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke , wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe , umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.

Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu , udadewabo ka -Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe , ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa.

Futhi wahamba ngeziluleko zabo , lapho ehamba noJehoramu, indodana ka- Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukulwa noHazayeli inkosi yase -Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.

u-Asafa wazala uJosafati , uJosafati wazala uJoramu , uJoramu w azala u - Oziya;