"ujosiya"
20 occurrences in ZUL
Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzela inkosi u -Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.
UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka en gamashumi amathathu nanye eJerusalema; igama likanina lalinguJedida indodakazi ka-Adaya waseBosikati.
Kwathi ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya inkosi yathuma uShafani indodana ka -Asaliya kaMeshulamu , umbhali, endlini kaJehova, yathi:
UJosiya waphenduka , wabona amathuna ayelapho entabeni ; wathumela wakhipha amathambo emathuneni , wawashisa e -altare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowo muntu kaNkulunkulu owameme zela lezi zinto.
Nazo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezazisemizini yaseSamariya , ezenziwa ngamakhosi akwa-Israyeli acunula ngazo, uJosiya wazisusa, wenza kuzona njengazo zonke izenzo azenzileyo eBethele.
Futhi abanamadlozi , nabathakathi, namatherafi, nezithombe, nazo zonke izinengiso ezazibonwa ezweni lakwaJuda naseJerusalema uJosiya wakuqeda ukuba afeze amaz wi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya umpristi ayifumanayo endlini kaJehova.
Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase- Asiriya ngasemfuleni u -Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.
UJosiya wamenzela uJehova iphasika eJerusalema ; balihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.
Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzele inkosi u -Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.
UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwak he ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema.
UJosiya wazisusa zonke izinengiso emazweni onke akwa -Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa -Israyeli bakhonze , bamkhonze uJehova uNkulunkulu wabo . Zonke izinsuku zakhe abasukanga ekumlandeleni uJehova uNkulunkulu wawoyise.
UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi , onke abengaweminikelo yephasika , umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.
Yayisilungiswa-ke inkonzo kaJehova ngalusuku lunye ukwe nza iphasika nokunikela ngeminikelo yokushiswa e -altare likaJehova njengesiyalezo senkosi uJosiya.
Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli , uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase -Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza.
Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu , weza ukulwa esigodini saseMegido.
Izinceku zayo zayikhipha enqoleni , zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema ; yafa, yembelwa emathuneni awoyise . Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.