Iminyaka eyishumi nambili bamkhonza uKedorlawomere, kepha ngomnyaka weshumi nantathu bahlubuka.
Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e -Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu , nama-Emi eShave Kiriyatayimi,
Emva kokubuya kwakhe ekunqobeni uKedorlawomere namakhosi anaye yaphuma inkosi yaseSodoma , yaya ukumhlangabeza esiGodini saseShave esiyisiGodi seNkosi.