UJehova wayesethi kuMose: Ukhalelani kimi na? Yisho kubantwana bakwa- Israyeli ukuba bahambe.
Wayesethi u -Elkana umyeni wakhe kuye : Hana, ukhalelani na ? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na ? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?
Ukhalelani ngokulimala kwakh o ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe.
Zona-ke zathi kuye: Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.
UJesu wathi kuye: Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na ? Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye : Nkosi, uma umsusile , ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.