Skip to Content

"ukhohliwe"

8 occurrences in ZUL

Nxa uvuna isivuno sakho ensimini , ukhohliwe isithungu ensimini yakho , ungabuyeli ukusilanda , kepha asibe ngesomfokaz i, nesentandane, nesomfelokazi ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wezandla zakho.

IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.

Uthi enhliziyweni yakhe : UNkulunkulu ukhohliwe , ubusithezile ubuso bakhe; akasoze wakubona nanini.

UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na ? Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela

Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho, awukhumbulanga idwala lamandla akho ; ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi , uhlwanyele amahlumela angaziwayo,

Ukhohliwe uJehova uMenzi wakh o owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonk e ngokufutheka komcindezel i njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?

Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi ; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena , ungabi ngumpristi wami ; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.

Ngokuba u -Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe , wakha izindlu zamakhosi , noJuda wandisile imizi ebiyelweyo , ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe , uqede izindlu zayo zobukhosi.