UJesu waphendula, wathi kuye: Ukholwa ngokuba ngithe kuwe ngakubona uphansi komkhiwane na? Uzakubona okukhulu kunalokho.
UJesu wathi kuye: Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa , uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?
UFiliphu wathi kuye : Uma ukholwa ngenhliziyo yonke , kungenziwa. Waphendula wathi : Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.
Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi , ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo , uyakusindiswa;
ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga , ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.
Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino.