Kuphila kwami , usho uJehova , noma uKhoniya indodana kaJehoyakimi , inkosi yakwaJuda , ebe yindandatho esandleni sami sokunene , nokho bengiyakukuhluthula khona,
Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelw eyo nesaphukileyo na ? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?