"ukristu"
110 occurrences in ZUL
lapho kungekho mGreki namJuda , ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke , ukubo bonke.
Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo : Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?
UPilatu wathi kubo : Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na ? Bonke bathi: Makabethelwe esiphambanweni.
Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi : Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?
UKristu, iNkosi yakwa -Israyeli, makehle manje esiphambanweni , ukuze sibone, sikholwe. Nababebethelwe kanye naye bamdumaza.
Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi : Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.
yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni , wathi kuye : Simfumene uMesiya, okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.
Nina ngokwenu niyangifakazela ukuba ngathi : Angisiye uKristu mina , kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.
Owesifazane wathi kuye : Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza , othiwa uKristu ; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.
Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye , bathi: UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?
Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?
Ngakho isixuku samphendula sathi : Sizwile emt hethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade ; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?
ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo,
ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke , avuke kwabafileyo, ethi futhi: UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.
ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.
Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise , kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.
Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini , yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
ngubani olahlayo na ? UKristu Jesu owafayo , yebo impela , owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguyena osinxuselayo.
Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi : Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: Ngubani ozakwenyukela ezulwini na ? okungukuthi ukwehlisa uKristu,
Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu.
Ngokuba ngithi uKristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho,
ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo,
Kanjalo ngangihlose ukushumayela ivangeli kungabi lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye,
ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu , bakhonza isisu sabo ; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.
Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani. Isigcino
UKristu wahlukanisiwe yini ? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? Nabhapathizwa egameni likaPawulu na?
Ngokuba uKristu kangithumanga ukuba ngibhapathize , kepha ukuba ngishumayele ivangeli , kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi , funa isiphambano sikaKristu senziwe ize. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuhlakanipha kwezwe
kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe,
kepha kubo ababiziweyo , abaJuda namaGreki , sishumayela uKristu , amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.
Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami uk uthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,
Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo , basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?
Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe : uKristu kuqala , bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe,
Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo.
Ngokuba asizishumayeli thina , kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.
Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama ; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.
nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu;
Kepha uma thina , lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu , nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye.
akuseyimi ophilayo , kepha uKristu uphila kimi ; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa , okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,
UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko ; ngakho-ke yimani niqine , ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka- Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso , ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni.
nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda , wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.
kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe , bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami.
Kunani pho ? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke , noma ngokuzenzisa noma ngesiminya ; kulokho-ke ngiyathokoza , yebo, ngiyakuthokoza,
njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo , kepha ngesibindi sonke , njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami , nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.
Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami , engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe , ngikushaya izibi , ukuze ngizuze uKristu,
Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu , khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.
Ngiyambonga owangenzela amandla , uKristu Jesu iNkosi yethu , ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni,
Likholekile leli zwi , lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo;
kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa , walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli,
seyaba nkulu kunezingelosi , njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo. UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu
uNkulunkulu futhi ef akaza kanye nabo ngezibonakaliso , nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo , nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe. UKristu waba mncane kunezingelosi esasebenza umsebenzi wensindiso emhlabeni
kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe , esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni. Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe
Akukho muntu ozithathela leso sikhundla , kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni. UKristu ungumpristi obiziweyo
Kepha lokhu uKristu esefikile , engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa,
kakhulu kangakanani igazi likaKristu o wazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzi ni efileyo , ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. UKristu ungumlamuleli wesivumelwano esisha ngegazi lakhe
Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla , engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela , kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,
Ngokuba nabizelwa khona lokho , ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.
kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu , nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,
Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono , olungileyo ngenxa yabangalungile , ukuba asiyise kuNkulunkulu , ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,