Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni , yakhuluma kubo , abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama -Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo ; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;