Ngingafakaza ngokuthini ngawe , ngikufanise nani , ndodakazi yaseSiyoni , na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze , ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na ? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle . Ngubani ongakuphulukisa na?
Ziyakwenza isililiselo ngawe, zithi kuwe: Yeka ukuchitheka kwakho , wena owahlalwa ngabasolwandle , muzi odumileyo , owawunamandla olwandle , wena nabakhileyo kuwe, owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe.
Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka.