"ukuduma"
11 occurrences in ZUL
UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini ; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.
Wayesethi uMose kuye: Nxa sengiphumile emzini , ngizakwelula izandla zami kuJehova ; kuyakunqamuka ukuduma , nesichotho asisayikuba khona , ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.
UMose waphuma emzini kaFaro , welula izandla zakhe kuJehova ; kwanqamuka-ke ukuduma nesichotho, alabe lisana emhlabeni.
Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu bathuthumela.
Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani , nezwi lecilongo , nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude.
Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na ? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula , nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.
USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli.
Imifula iphakamisile , Jehova, imifula iphakamisile ukuholoba kwayo ; imifula iphakamisa ukuduma kwayo.