Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu ; izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa phambi kwabamesabayo.
Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho.
Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.
Ngencike kuwe kwasesiswini ; nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame ; ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.
Mina kodwa ngiyakwethemba njalo , ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.
Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu , yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele.