Skip to Content

"ukufa"

98 occurrences in ZUL

UNkulunkulu amandise uJafete, ahlale ematendeni kaShemi, uKhanani abe yisigqila sabo. Ukufa kukaNowa

Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe , kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo , ngokuba wathi : Ngingebone ukufa komntwana . Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

Ngalokho ningesabi ; mina ngiyakunondla , nina nezingane zenu . Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo. Ukufa kukaJosefa

Kanjalo u -Edomi wala ukuba u -Israyeli adabule izwe lakhe ; ngalokho u - Israyeli wachezuka kuye. Ukufa kuka-Aroni

Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe , abale okwesine kuka-Israyeli, na? Mangife ukufa kolungileyo, nokuphela kwami makube njengokwakhe.

kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe , ngingaweli iJordani ; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelo zwe elihle.

Ngase ngiphend uka ngehla entabeni , ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala. Ukufa kuka-Aroni

Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa ; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa.

funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe , amfice, ngokuba indlela inde , amshaye aze afe , noma ebengafanele ukufa , lokhu ebekade engamzondi.

Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini,

ungenzi lutho kuyo intombi , ngokuba asikho entombini isono esifanele ukufa, lokhu le ndaba injengokuba umuntu evukela umakhelwane wakhe , ambulale,

Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi,

U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombil i, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene. Ukufa kuka-Egiloni

bathi kuye : Shono uthi : S hiboleti, abesethi: Siboleti, ngokuba engaqaphelanga ukuliphimisa kahle ; base bembamba , bambulala ngasemazibukweni aseJordani ; kwawa ngaleso sikhathi abakwa -Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili. Ukufa kukaJefta

Owaletha umbiko waphendula wathi : U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti; kwakukhona ukubulawa okukhulu phakathi kwabantu ; amadodana akho omabili oHofini noFinehasi afile , nomphongolo kaNkulunkulu uthathiwe. Ukufa kuka-Eli. U-Ikabodi

Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu , wathi kuNathani : Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa;

Ngokuba simelwe ukufa , sinjengamanzi achith wa emhlabathini , angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila , kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.

Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke , ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba. Ukufa kuka-Abisalomu nokukhala kukaDavide

Wathi uNkulunkulu kuye: Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho , uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni,

USolomoni wayesefuna ukumbulala uJerobowamu , kepha uJerobowamu wasuka, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni. Ukufa kukaSolomoni

Wonke u-Israyeli wammbela, wamlilela njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Ahiya umprofethi. Ukufa kukaJerobowamu

Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJeho va, izigijimi zazithwala , zazibuyisela ekamelweni labalindi. Ukufa kukaRehobowamu

Waphuma, waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Ngelaphile lawa manzi; akusayikuvela ukufa kuwo nokubhuluba.

Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma. Ukufa kwasekhanzini

Base bethululela abantu ukuba badle . Kwathi besadla lokho kudla , bakhala bathi: We muntu k aNkulunkulu, kukhona ukufa ekhanzini . Babengasenakudla.

Ezinye izindaba zikaJosiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ukufa kukaJosiya

Kepha oNadabi no -Abihu bandulela uyise ukufa , bengenabantwana; ngalokho o-Eleyazare no-Itamari kuphela babe ngabapristi.

UJehova wamkhulisa uSolomoni kakhulu emehlweni abo bonke abakwa - Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungazange lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli phambi kwakhe. Ukufa kukaDavide

Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kukaJosiya leli phasika lenziwa. Ukufa kukaJosiya

abalinda ukufa kungafiki, abakumba kunengcebo;

Amalungu omzimba wakhe ayakudliwa, yebo, ukufa okwesabekayo kuyakudla amalungu akhe.

Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa , abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa , isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

Ukufa makubazume , bashonele endaweni yabafileyo besezwa , ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.

Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa , akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela

Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.

Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe ; bonke abangizondayo bathanda ukufa.

Endleleni yokulunga kukhona ukuphila , nalapho umkhondo wakho udlula khona, akukho ukufa.

Ukufa nokuphila kusemandleni olimi , nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade ; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.

Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke , lapho ngiyixoshele khona , usho uJehova Sebawoti. Izono nokwahlulela

Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu , kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini.

Base bethi abapristi nabaprofethi ezikhulwini nakubo bonke abantu, bathi: Lo muntu ufanele ukufa , ngokuba uprofethile ngalo muzi , njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.

Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi : Lo muntu akafanele ukufa , ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.

Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini , isho iNkosi uJehova , kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?

Ngokuba angenameli ukufa kofayo , isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.

Bayakukwehlisela egodini , ufe ukufa kwabagwaziweyo enhliziyweni yolwandle.

Uyakufa ukufa kwabangasokile ngesandla sabafokazi , ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.

ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.

Kwathi ekup humeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona , waba nesiyezi , wazicelela ukuba afe, wathi: Kungcono kimi ukufa kunokuphila.

Ngiqinisile ngithi kini : Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.

Nithini na? Kepha baphendula bathi: Ufanele ukufa.

Wayesethi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa , baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla. Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni (Math. 17:1; Luk. 9:28)

Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na? Bamlahla bonke ng okuthi ufanele ukufa.

Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi.

Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu. Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni (Math. 17:1; Mark. 9:2)

kunjalo noHerode futhi ngokuba umbuyisele kithi ; bheka-ke, akenzanga lutho afanele ukufa ngalo.

ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni.

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.

Bathi kuye abaJuda : Manje sesiyazi ukuthi unedemoni ; u-Abrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi : U ma umuntu e gcina izwi lami , kasoze akuzwa ukufa naphakade.

Lokho-ke wakusho efanekisa ukufa okumfanele afe ngakho.

Kepha abaJuda bamphendula bathi : Sinomthetho thina ; ngalo mthetho ufanele ukufa, ngokuba ezenzile iNdodana kaNkulunkulu.

Kepha wakusho lokho ekhomb a ukufa azakumdumisa uNkulunkulu ngakho. Eseshilo lokho wathi: Ngilandele.

nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga. Ukufa kukaStefanu

UHerode esemfunile engamfumananga , wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona. Ukufa kukaHerode

ngayifumana imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo , kepha engamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuba ukuboshwa.

Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa , angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho , akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.

kwathi sebegudlukile , bakhuluma bodwa , bathi: Lo muntu akenzi lutho olufanele ukufa noma izibopho.

abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi a benza okunjalo bafanele ukufa , abenzi lokho kuphela , kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.

Ngokuba ukufa , afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono ; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu.

Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye , nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile;

nokho ukufa kwabusa kusukela ku -Adamu kwaze kwaba kuMose , naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika -Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza. Ukulunga nokuphila kwafika ngoJesu

Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu.

Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu , sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na?

Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise , kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.

sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi , ukufa akusabusi phezu kwakhe.

Ngokuba kwathi sisenyameni , ukuhuheka kwezono okwavela ngomthetho kwasebenza ezithweni zethu ukuthelela ukufa izithelo;

Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na ? Qha nakanye ; kepha isono , ukuba sibonakale ukuthi siyisono , sangibangela ukufa ngakho okuhle , ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu. Ubugqila bomuntu phansi komthetho

noma uPawulu , noma u -Apholo, noma uKhefase , noma izwe , noma ukuphila, noma ukufa , noma okukhona, noma okuzakuba khona ; konke kungokwenu;

Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli sibe ngabokugcina, sibe njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.

Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.

Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu , ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.

Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi : Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.

Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa , ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo,

sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu , ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu.

Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.

Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho um untu, kube ngukusindiswa , kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.

Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.

kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa , walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli,

kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi , uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.

Ngokuba lapho kukhona itestamente , kufuneka ukuba kubikwe ukufa kowalenzayo;

Ngokukholwa u -Enoke wathathwa , ukuze angaboni ukufa , akabe esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathil e. Ngokuba engakathathwa ufakazelwe ukuthi wayethokozisa uNkulunkulu;

uma inkanuko isithathile , ibeletha isono ; nesono sesiphelelisiwe , sizala ukufa.

Ngaleyo mihla abant u bayakufuna ukufa , bangaze bakufumana ; futhi bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.

Ngakho k uyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo , ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo ; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.

Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. Ukukhululwa kukaSathane

Ukufa neHayidese kwaphonswa echibini lomlilo . Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo.

azesule izinyembezi zonke emehlweni abo ; ukufa akusayikuba khona ; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona ; ngokuba okokuqala kudlulile.