Skip to Content

"ukuhlasela"

10 occurrences in ZUL

Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho , bese wubona amahhashi , nezinqola, nabantu abaningi kunawe , ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.

Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali , ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,

Uma ungenzi ukuthula kuwe kepha ukuhlasela, uyakuwuvimbezela,

Lapho uphuma impi ukuhlasela izitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho azinikela ezandleni zakho, uzithumbe,

Kwathi inkosi yase -Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u -Israyeli, yona nabantu bayo , endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane ; yayingazi n okho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.

Inkosi yase -Asiriya yamlalela ; inkosi yase -Asiriya yenyuka ukuhlasela iDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu balo eKhiri, yambulala uResini.

UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.

Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase -Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.

uDavide wabuza kuNkulunkulu , wathi: Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na ? UJehova wathi kuye : Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.

Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka -Asa, uBahasha, inkosi yakwa -Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda , wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku -Asa inkosi yakwaJuda.