ngiyakuninqumela inkemba , nikhothamele nonke ukuhlatshwa , ngokuba lapho nganibiza , aniphendulanga, nalapho ngakhu luma, anizwanga, kepha nenza okubi emehlweni ami, nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.
Zibilini zami , zibilini zami , nginobuhlungu enhliziyweni yami ; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami , anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.