Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo , ngibathande ngesihle , ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo.
Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala , nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.
Buyani nina bantwana abahlehlayo , ngikuphulukise ukuhlehla kwenu . Bheka, sesifikile kuwe, ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.
Noma izono zethu zifakaza ngathi , sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho ; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.
Abasayikuzingcolisa ngezithombe zabo , nangokuzondekayo kwabo , nangesisodwa seziphambeko zabo , kepha ngiyakubasindisa kukho konke ukuhlehla kwabo abone ngakho, ngibahlambulule, baze babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.
Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi ; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.