Uma umuntu eyakumngcwelisela uJehova inxenye yensimu yefa lakhe , ukulinganisa kwakho kuyakuba njengokuhlwanyelwa kwayo, ukuhlwanyelwa kwehomere lebhali kube ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva.
Yebo, banele ukutshalwa nje, yebo, banele ukuhlwanyelwa nje, yebo, isiqu sanele ukugxila emhlabathini, abesephephetha kubo, babune, isivunguvungu sibasuse njengamabibi.