Ubonile wena ; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wen a ukuze ukubeke esandle ni sakho ; othithibeleyo uyazinikela kuwe ; wena ungumsizi wentandane.
Ngokuba ekuhlakanipheni o kuningi kukhona ukukhathazeka okuningi ; owandisa ukwazi wandisa usizi.
Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku , kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.
Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa , kepha izwi elihle liyayithokozisa.
Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka.
kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe , bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami.