Yazini namuhla ngokuba angikhulumi kubantwana benu abangazanga nabangabonanga ukulaya kukaJehova uNkulunkulu wenu ubukhulu bakhe , nesandla sakhe esinamandla, nengalo yakhe eyeluliweyo,
Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko,
Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.
Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi.
Isiwula siyadelela ukulaya kukayise , kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi : Ndodana yami , ungadeleli ukulaya kweNkosi , uphele amandla, nxa usolwa yiyo,
Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo , kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho. Qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo