"ukungcola"
18 occurrences in ZUL
Noma ethinta ukungcola komuntu , nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcole ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba necala.
Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe , lowo mu ntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo , adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
Uma indoda ilala naye, ukungcola kwakhe kube kuyo, iyakuba ngengcolile izinsuku eziyisikhombisa ; nayo yonke imibhede alala kuyo iyakuba ngengcolile.
Yilowo nalowo oth inta isidumbu somuntu ofileyo , angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo ; uyakuba ngongcolile ; ukungcola kwakhe kuse kuye. Amanzi okuphothula
wathi kubo : Ngizweni nina maLevi ; zingcweliseni, niyingcwelise nendlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, nikhiphe ukungcola endaweni engcwele.
Abapristi bangena kokuphakathi kwendlu kaJehova ukuba bayihlambulule , nakho konke ukungcola abakufumanisayo ethempelini likaJehova bakukhiphela egcekeni lendlu kaJehova . AmaLevi akuthatha , akukhipha, akuyisa emfudlaneni iKidroni.
Ukungcola kwal o kwakusemaphethelweni alo , alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba ungikhohliwe , wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.
Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho, ukuze lishise, kushe ithusi lalo, kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwal o ukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.
Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo , nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zon ke izithombe zenu.
Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu , ngibize amabele, ngiwandise, ngingabeki indlala phezu kwenu.
Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo,
funa kuthi eku fikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile , bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.