Skip to Content

"ukunxusa"

14 occurrences in ZUL

IBethele lalithume oSareseri noRegemi Meleki namadoda abo ukunxusa kuJehova

Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u -Israyeli abayakukukhuleka bebhekene nale ndawo , ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.

bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,

Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u -Israyeli abayakukukhuleka bebhekene nale ndaw o, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.

Wakhuleka kuye ; wancengwa nguye , wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe . Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.

Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini , yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u -Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.

uJehova uzwile ukunxusa kwami, uJehova uyamukela umkhuleko wami.

Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , ngokuba inkulu intukuthel o nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.

Ake uzwe manje , nkosi yami , nkosi; ukunxusa kwami makufike phambi kwakho ukuba ungangibuyiseli endlini kaJonathani umbhali , funa ngifele khona.

zathi kuJeremiya umprof ethi: Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho , unxusele yonke le nsali , ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi , njengalokhu amehlo akho ekubona nje,

Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli eningithume kuye ukubeka ukunxusa kwenu phambi kwakhe, uthi:

Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho , uzwe; vula amehlo akho , ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho , ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.

bahambe abakhileyo komunye , baye komunye , bathi: M asiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova , simfune uJehova Sebawoti ; nami ngiyakuhamba.

Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa , nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke,