"ukuphakama"
21 occurrences in ZUL
Wolenza i -altare ngomuthi womtholo , ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, ububanzi balo bube yizingalo eziyisihlanu, i-altare lilingane izinhlangothi zozine; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu.
Ubude begceke boba yizingalo eziyikhulu , ububanzi bube ngezamashumi ayisihlanu njalo , ukuphakama kube yizingalo eziyisihlanu , bube yilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izinyawo zibe yithusi.
Ubude balo bube yingalo , nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo ; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili , izimpondo zalo zibe kunye nalo.
Wakha izimpondo zangasendlini yonke , yilolo nalolo lwaba y izingalo eziyisihlanu ukuphakama kwalo; zanamathela endlini ngemithi yemisedari.
Wenza nolwandle olubunjiweyo ; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolu nye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu ; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.
Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko ; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe , uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziwe yo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi.
Lawo masondo amane ayephansi kwezindini ; imbambelela yama -asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye.
Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi nxazonke ; ukuphakama kwakho kwakuyinx enye yengalo , nezimbambelela zakho nezindini zakho zazihlangene nakho.
Ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi ; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezi ntathu; kwakukhona nenetha namapomegranati phezu kwesihloko nxazonke , konke kwakun gokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni.
Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili , ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.
Wenza nolwandle olubunjiweyo ; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye , lwaluyisiyingilizi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo ez iyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.
Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi , uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuthi : Ngendlu kaNkulunkulu eseJerusalema , indlu mayakhiwe endaweni lapho benik elela khona ngemihlatshelo , zibekwe izisekelo zayo , ziqine, ukuphakama kwayo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi bayo bube yizingalo ezingamashumi ayisithupha;
Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye : Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo , besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini . Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.
Uma omubi ephiwa umusa , akafundi ukulunga ; ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala, angaboni ukuphakama kukaJehova.
Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; umucu oyizingalo eziyishumi nambili wawuyizungeza ; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo.
Kwakukhona isihloko sethusi ; ukuphakama kwesihloko esiso dwa kwakuyizingalo eziyisihlanu; kwakukhona nenetha namapomegranati phezu kwesihloko nxazonke , konke kwakungokwethusi ; njengangale kwakunjalo nasensikeni yesibili enamapomegranati.
I-altare lalingumuthi , ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu , nobude balo buyizingalo ezimbili ; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi : Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.