Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova , lowo muntu abeseba necala,
Umuntu onolaka uvusa ukuxabana , nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.
Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.