Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi sici kuwo.
Makube kude nami ukuba nginivumele; angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.
mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo , ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.
Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola , kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
UJesu wathi kuye: Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.
Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe , nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.
kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi , uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,
Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu , njengezifundiso zokucathula kwezwe , kungenjengokukaKristu. KuKristu kukhona konke ukuphelela kukaNkulunkulu
Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho -- kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?