Uyakuthabatha wonke umhlehlo osibekela izibilini , namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-altare.
Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo , ukushise e -altare phezu kom nikelo wokushiswa, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova : kungumnikelo womlilo kuJehova.
Uma kusala inyama yokwahlu kaniselwa kuze kuse noma isinkwa , ukushise okuseleyo ngomlilo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.