Skip to Content

"ukuthokoza"

17 occurrences in ZUL

Ababe seduze nabo kuze kube kwa -Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo , nangamakamela, nangeminyuzi, nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane , nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo , newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.

Kwakukhona-ke ukuthokoza okukhulu eJerusalema , ngokuba kusukela esikhathini sikaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, akuzange kube khona okunjalo eJerusalema.

Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokod o, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa , indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa -Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.

Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku , bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu ; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema. Ukubuyiselwa kokweshumi

Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho , ungiphase ngomoya ovumayo.

Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini ; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.

Ukuthokoza nokujabula kususiw e ensimini nasezweni lakwaMowabi ; ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni ; akusayikunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.

Ngithi kini : Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.

Ngithi kini : Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.

Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo , isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo,

Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo ; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.

Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini , nokuthokoza kwenu kugcwale. Umyalo wokuthandana

kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi. USimoni oyisanusi

Ngakuloba khona lokho , funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo , nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke.

ukuthi ekuvivinyweni okukhulu kosizi ukuthokoza kwawo okuvamileyo nobumpofu bawo obukhulu kwenza ukuba avame kakhulu ekup haneni okupheleleyo;

gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye , ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye;

Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini , ngikhulume nani umlomo nomlomo , ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.