Skip to Content

"ukuzamazama"

9 occurrences in ZUL

Niyakubalekela esigodini sezintaba za mi, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e -Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika -Uziya inkosi yakwaJuda ; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.

Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu , bathi: Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.

Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu , ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo.

Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe , nombuso uvukele umbuso ; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo , kube khona indlala ; lokhu kungukuqala kwemihelo.

kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , nobhici, nendlala izindawo ngezindawo , kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.

kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu , kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo ; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke.

Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha , kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,

Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , kwawa okweshumi komuzi , nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nabaseleyo b ashaywa luvalo , bamdumisa uNkulunkulu wezulu.

Kwase kuba khona imibani , namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo , selokhu kwaba khona abantu emhlabeni , ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.