Skip to Content

"ukuziphakamisa"

9 occurrences in ZUL

U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu ; intukuthelo ka -Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na ? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho , ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.

Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo , makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona ; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi. Ukuziphakamisa nokuthukuthela kukaHamani

Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo , nababi ngezono zabo , ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo , ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.

NguJehova Sebawoti okucebiley o ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.

Noma elula izandla zakhe phakathi kwaw o njengohlambayo elula ukuba ahlambe, uyakuthobisa ukuziphakamisa kwakhe kanye nobuhlakani bezandla zakhe.

Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu , ukuziphakamisa kwakhe, nokuzidla kwakhe , nokuziqhenya kwakhe , nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.

E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla ; ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.

Ngezinkemba zamaqhawe ngiyak uwisa isixuku sakho , bonke bengabesabekayo bezizwe; bayakuchitha ukuziphakamisa kweGibithe , sonke isixuku salo sichitheke.

Bayakudabula elwandle lokuhlupheka , kushaywe amaza olwandle , nezintwa zonke zeN ayile ziyakoma, kwehliswe ukuziphakamisa kwe -Asiriya, isuke intonga yaseGibithe.