Lapho kufika ukuziqhenya , kufika nehlazo ; kepha k wabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
Usho kanje uJehova: Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema.
Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba ; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.
Yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu , okuhawukelwa ngumphefumulo wenu ; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.
UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi : Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.