Lawo angamafa abawabela ngenkatho u -Eleyazare umpristi , noJoshuwa indodana kaNuni , nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa -Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.
Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho , nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho , nokwembesa ohamba ze , lapho umbonayo , nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?