Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa , yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.
Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.
ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa , nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu,
nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;