Skip to Content

"ulalele"

14 occurrences in ZUL

Wayesethi ku -Adamu: Njengokuba ulalele izwi lomkakho , wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo , ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.

nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba , ngokuba ulalele izwi lami.

wathi: Uma u lalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ukwenze okulungile emehlweni akhe , ulalele imiyalo yakhe , ugcine izimiso zakhe zonke , angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo. Ukufika kwabakwa-Israyeli e-Elimi

Yiqaphele, ulalele izwi layo , ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.

Uma usekuhluphekeni , zikwehlela zonke lezi zinto , uyakuphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe,

UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u -Israyeli, bathi: Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.

ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini , indawo owathi ngayo: Igama lami liyaku ba khona lapho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.

ukuba amehlo akho avul ekele le ndlu ubusuku nemini , indawo owasho ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho , uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.

Uma unengqondo, yizwa lokhu, ulalele izwi lokukhuluma kwami.

Yizwa ukulunga , Jehova, ulalele ukukhala kwami , ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.

Yizwa umkhuleko wami , Jehova, ulalele ukumemeza kwami ; ungathuli ngezinyembezi zami , ngokuba ngingumfokazi kuwe ; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.

Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami, ulalele umkhuleko wami.

Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami, ulalele izwi lokunxusa kwami.

Sengathi nga ulalele imiyalo yami ! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;