UJuda uyibhongo lengonyama . Wenyuke empangweni , ndodana yami . Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi ; ngubani oyakumvusa na?
UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.
Nkosi, umfana wami ulele endlini , ufe uhlangothi , ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.
Wangena, wathi kubo : Niyaluzelani, nikhalelani na ? Umntwana akafile , kodwa ulele.
Wayeseza, wabafumana belele ; wathi kuPetru : Simoni, ulele na ? Ubungelinde ihora libe linye na?
Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo : ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.