Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakh e ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo , umhlaba nakho konke okukuwo , izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.
Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe , kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.