"uloti"
22 occurrences in ZUL
Wayesesuka u -Abrama, njengalokho uJehova emtshelile ; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.
ULoti waphakamisa amehlo akhe , wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke ; uJehova engakachithi iSodoma neGomora , lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.
ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani ; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.
U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani ; uLoti wahlala emizini yasethafeni , wamisa itende lakhe ngaseSodoma.
UJehova wathi ku -Abrama, uLoti esehlukene naye : Phakamisa manje amehlo akho ubuke , usendaweni lapho umi khona , ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga,
Bamthatha uLoti indodana yomfowabo ka -Abrama owayehlala eSodoma kanye nempahla yakhe, bamuka. Ukusiza kuka-Abrama nokukhululwa kukaLoti
Nxa u -Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe , wabutha izinceku z akhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe , ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili , wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.
Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile ; uLoti wayehlezi esangw eni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza ; wakhothamela emhlabathini ngobuso,
Bambiza uLoti, bathi kuye: Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na ? Sikhiphele wona ukuba siwazi.
Bathi: Suka lapha! Bathi futhi: Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale ; usefuna ukwahlulela ; manje siyakukuh lupha wena kunabo . Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.
Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe , wathi: Sukani niphume kule ndawo , ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi . Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.
Kusantwela iz ingelosi zamsheshisa uLoti , zathi: Vuka uthathe umkakho , namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.
Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni , uNkulunkulu wakhumbula u -Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.