Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu , nomsebenzi wakhe ulusizi ; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.
Khona wathi kubo : Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.
Wathi kubo : Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni ; hlalani lapha, nilinde.
Kalokhu umphefumulo wami ulusizi , ngizakuthini na ? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.
Owesifazane, nxa esabeletha , ulusizi, ngokuba sifik ile isikhathi sakhe ; kepha nxa esembelethile umntwana , akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.